Sunday, March 23, 2014
uRadebe nesizumbulu sokuthukiswa Intumbane

uMnyango Wezolimo nezeMvelo Kwa-Zulu Natal ngaphansi kobuholi buka Dkt. Meshack Radebe ubekele indawo yaseNtumbane oPhongolo izizumbulu zemali elinganiselwa ku 13.7 million wokuthuthukisa indawo yaseNtumbane namaphethelo.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe uRadebe ehambele leyandawo emveni kokuba iNkosi yakwaMsibi imumemile ukuba azolalela izidingo ezithinta intuthuko yaloya mphakathi. Inkosi ikhale ngokubiywa kwesiqiwi iThala Game Reserve kanye nokubiywa kwamasimu, ukwakhiwa kwamadamu. Emva kokulalela izimfuno zomphakathi uBhungane uthe uzothumela ithimba elizobhekelela ukuthi izindawo ezidinga ukubiyelwa zingakanani. Ungqongqoshe uphinde wakhala kakhulu ngamasimu akuleya ndawo angalinyiwe nathe abantubaseNtumbane kufanele balime umbila obomvu bese uthunyelwa kwaSouth African Breweries(SAB) njengoba ethe mkhulu umsebenzi owenzayo ekwakhiweni kotshwala obukhiqizwa uSAB. Okunye uMEC uphakamise ukwakhiwa kwamahhokwe okuzogcinwa kuwo izinkukhu ezikhiqiza amaqanda. Lokho okuzokwenza abantu baseNtumbane babe ngosomabhizinisi abaziwayo ekufuduleni umnotho wendawo. Kanti iMeya yasoPhongolo uKhansela MM Hadebe ikushayele ihlombe okuphakanyiswe uNgqongqoshe. Imeya ithe kumanje leyandawo imapekethwane ngenxa yokuthi kufakwa ugesi, kanti awukho namunye umuzi ongeke uwuthole ugesi.
uNgqongqoshe Wezolimo nezeMvelo kwaZulu-Natal uDkt. Meshack Radebe lapha ubehambisana neMeya yasoPhongolo uKhansela M M Hadebe kuzoguqulwa isimo saseNtumbane.

0 comments: